22/01/2024
NCV STUDENTS🔴:
Bafundi ba NCV,
Kusemqoka kakhulu ukwazi ukusuka nokuhlala kwezifundo zakho, ikakhulukazi uMkhuba osetshenziswayo ukubala amaMaki akho owasebenzela kanzima unyaka uqala.
Kulomphanyeko sizojula kabanzi ngaleMikhuba yokubalwa kwamaMaki nemigomo yayo.
Sonke siyazi ukuthi izifundo esizenzayo ziyisikhombisa (7) sezizonke, kunezifundo ezibizwa ngama-Fundamental Subjects kanye nezifundo ezingama-Vocational subjects.
Kuma-Fundamental subjects sinalezi zifundo:
1.Module 1 (English FAL)
2.Module 2 (Life Orientation/Life skills and Computer Literacy ect.)
3.Module 3 (Mathematics/Maths Lit)
Kuma-Vocational subjects sinalezi zifundo:
1.Module 4
2.Module 5
3.Module 6
4.Module 7
IMIGOMO YOKUPHASA LESO SIGABA SEMFUNDO IYALANDELA:
1.Kufanele uziphase zonke izifundo ngokuphelela kwazo.
2.Wonke ama-Vocational subjects aphaswa ngo 50% kuya phezulu i-Subject ngayinye.
3.Kanti Kuma Fundamental Subjects kuphoqa ukuba uthole 40% kuya phezulu esifundweni sesibili(Module 2) okungaba yi Life Orientation noma yi-Life Skills and computer literacy.
4.Kufanele uthole u-40% kuya phezulu kwi-English okungu-Module 1.
5.Kufanele uthole u-30% kuya phezulu ku-Module 3 okungaba yi-Mathematics noma yi-Mathematical Literacy.
iyaqhubeka.......