09/12/2020
Ingxenye yesibili
Chapter 27 (yaqhubeka)
Zweli: Ziphi ezakho nsizwa?
Bhekifa: (emangele) ukhuluma ngani?.
(uZweli athabathe izinduku zakhe agiye sakuziphambanisa,ayibike ibemibili imiyocu kuBhekifa,kuvele kumkhanyele ukuthi lensizwa ayidlali.)
Bhekifa:( ephakamisa izandla) Awu yobe mfowethu.
Zweli: (azibambe) kulungile ke isiyohlangana ngalo usuku olukhulu,uqinisekise ukuthi uziphethe zonke,akunasoka ladla kahle imbangi ikhala.
(Asuke lapho ahambe umfoka Bhengu, kumkhanyela nje ukuth kuzoshuba ngosuku langoMgqibelo.)
( uBhekifa ufika Kubo nje ulimi lungaphandle,angene endlini ehefuzela.)
Bheseni: ( ame ngezinyawo) Mshana kwenzenjani?
Bhekifa: ey Malume sengivele ngahlaselwa umuntu ngezinduku kwaduma ikhanda.
Bheseni: Sengiyabona bakulwisela intombi.
Bhekifa: wazingani malume?
Bheseni: Habe! Wena awazi ukuthi akunasoka ladla kahle imbangi ikhala?.
Bhekifa: impela malume naye usho njalo.
maMkhize: Makunjalo phela shayelani amaphoyisa.
Bhengu: kahle wena bo, amaphoyisa okwenzani?, uBhekifa kuzomela naye agawule ezakhe abhekane ngqo nembangi yakhe,lokho kuwusiko nomthetho.
Bheseni: yazi ngakhumbula mase uthinta eyomthetho nosiko,ake siye enyangeni siyozwa kahle ngalomgcagco, ngiyathemba uyezwa ngisho ukuthini Ngcolosi.
maMkhize: (aphike ashaye izandla) lutho, Ngcolosi ngeke kwenzeke lokho.
Bheseni: Habe wena ufuna ukuthini manje,mhlambe umshana uhlaselwa nje abaphansi abajabule neze, sbali yembatha sambe.
maMkhize: Makuhamba uNgcolosi nami ngiyahamba.
Bheseni: Uboke uhlehle nje emadodeni,wenze umsebenzi wakho owawuzela layikhaya, Bhekifa asambeni.
(Baphume bahambe umaMkhize usale untanta yonke indlu,akazi athathe ini ayihlanganise nani.)
maMkhize:(ukhuluma yedwa) kodwa ngizoba yin kumyeni wami mayengathola nje ukuthi...oh Nkosi yami uyawazi amacala nezono zami,sengithemba wena simakade.( Ahlale phansi asukume antante indlu yonke samuntu oshiyiwa ingqondo)...oh kaze izozala nkomoni, wangenza Bheseni ube ulazi udaba lwami.
(UBheseni nethimba lakhe bangena endumbeni yenyanga bahlale phansi)
Bheseni: Thokoza Makhosi.
Makhosi: Nginganisiza ngani?.
Bheseni: ngilethe nangu umshana wami, ngifuna azoqina ezitheni zakhe,futhi uyagcagcelwa kuzo lezinsuku.
Makhosi: (ukhomba uBhekifa ngeshoba) wena unethunzi elibi elimnyama,ukude nezidalwa zakini,mangikubheka kuphakama isibongo sakwaBhengu , hambani la kuzomele nibuye nonina wakhe.
Bhengu:ngoba yini Makhosi? Yimina uyise.
Makhosi: phuma nendodana,yakho wena sala. (esho kuBheseni, nangempela Baphume)
Sisaqhubeka