07/08/2024
ISIKHWAMA SEASON 02
Part 01
( kusekhaya kwaMazibuko, uBhekumuzi usebuyile emfuleni nabangani bakhe ukuyolahla isikhwama. Bayazixoxela njr okungatheni)
BHEKUMUZI: (ekhombisa injabulo) eyy nangisiza Bafowethu yazi angazi ukuthi bengizosilawula kanjan lesikhwama.....
AYANDA:(emngena emlonyeni)weee ubusenkingeni nawe ubusazothakatha ( esho ehleka ekhombisa injabulo kwazise phela utshwala sebuthatha indawo yabo)
BHEKUMUZI: yeah mfowethu ngeke mina ngithakathe khohlwa namanje ngisasho, ngihlale nemikhovu mina ngeke( kuthi kusenjalo kuvunguze umoya phandle ezwe amazwi abantu abakhulumayo kodwa angezwa ukuthi bathi) yey Ayanda uyawuzwa lomoya?
AYANDA: (emangele) hawu umoya? Akunamoya lana
BHEKUMUZI:(egcizelela)yey kunomoya lana futhi kunabantu abakhulumayo, asiphume sibone ukuthi obani labo
(Baphume beshesha mabefika phandle bangezwa lutho kucwebile nje)
AYANDA: ngishilo akunalutho lana utshwala budlala ngawe njr
BHEKUMUZI: hhay ngeke bafo bekunomoya lana futhi kukhuluma abantu kodwa ke Akunankinga asibuyeke endlini
AYANDA: yebo ayikho vele lento yakho
(Babuyele endlini)
(Umalume kaBhekumuzi usevele wahlanganisa uMkakhe nezingane zakhe wabachazela ngaloludaba kwazise phela bayayazi nabo imisebenzi kaGogo)
MALUME: (encenga) ngyanicela ningayithi vu lendaba noma ngabe uzama ukuphahluka ungalinge uxoxele noyedwa ngezindaba zalapha ekhaya okwalana kuphelela khona lan...(engakaligwinyi umkakhe amngene emlonyeni)
MASBIYA:yebo baba kuzoba njalo
MALUME: hhay seningakhululeka uma kukhona futhi engidinga ukukukhuluma nani ngzonazisa ke( bahambe bonke baziyele ezindaweni zabo. Ubuso buka Nozipho ingane kaMalume buxoxe indaba kubonakale sengathi kukhona afisa ukukwazi kodwa athule nje angasho lutho ngoba esaba ukubuza)
(Ziyabuya endlini kaBhekumuzi usesele yedwa manje, umngani wakhe usehambile wayolala. Uzwa kuvunguza umoya futhi phandle kuphinde kukhale umsindo wezilwane angazazi ezwe namabimbo abantu abaxoxayo kodwa angabezwa ukuthi bathi. Avuke ngokushesha emangele)
BHEKUMUZI:(ehefuzela) ingabe kwenzakalani kanti kimina ngoba ngathi imina ngedwa ozwa lento, nasekuqaleni ngiyizwile. ingabe ilesikhwama engisilahlile sesiqala ukungijikela? Hhay ngeke sihambe namanzi nje( ekhuluma yedwa ezibuza eziphendula kodwa engaqondi ukuthi kudalwa yini lokhu akuzwa phandle) ayy ngyalala mina okunye ngzokubona kusile
(Aqhubeke alale nebala bufike ubuthongo, kuthi phakathi namabili ebsuku kufike uGogo wakhe ngephupho)
GOGO: (ebhekise kuBhekumuzi) awufuni ukulalela mzukulu yenza lokhu otshelwa khona omalume ba....(engakaqedi ahambe, avuke ngendluzula uBhekumuzi ethukile)
BHEKUMUZI: yooooohhhhh ngiyazisola ukube angimlalelanga u-Ayanda ngenkathi ethi asiyosilahla lesikhwama, kodwa ngzokwenze njani manje ngoba sesihambile vele. Ayy angilale kusile ksasa kumele ngiye eskoleni ( alale ngehlanhla kungasabi bikho okumuohazamisayo. Avuke ekuseni alungiselele ukuya eskoleni. Wenza izinto ngokuphuthuma ujake ukuyoxoxela umngani wakho ngokusale kwenzeka)
Iyaqhubeka