13/07/2022
ABAZISHOYO BAYAWUDELA UMUSA.
Umuntu ozibona emuhle akaboni ukuthi uyawudinga umusa kaNkulunkulu.
Uzilinganisa nabanye azibone engcono yena.
Umusa utholwa ngesihle; okwesibili utholwa kuphele yilabo abangafanele.
Uma ewufanele umusa akuseyiwo umusa.
Sisindisiwe ngomusa, ngoba sisindiswa ngesihle singafanele.
Uma besifanele ukusindiswa singewudinge umusa.
Umuntu ozethembayo, ethemba ubuhle bakhe, nemisebenz yakhe emihle, Akakho emuseni; uwile (Gal. 5:4).
UmFarisi owema ethandaza ezibonga ezisho ubuhle bakhe, walahlekelwa umusa ngoba engaboni ukuthi uyawudinga; wamuka engatholanga lutho, wafumana ukulahlwa kuphela ngoba ezibona engcono kunabanye (Luk. 18:10-14).
Baningi abanjengaye lomFarisi, balahlwa ngoba bayawudela umusa lowo owacelwa watholwa umthelisi.
Owudelayo umusa kaNkulunkulu uzilahlile yena, noma emuhle kangakanani ngokubona kwabantu.
Uyisoni esiphansi kolaka lukaNkulunkulu ngoba kuphunywa ngomusa kuphela lapho.